@uju.ulwazi: Abantu abadala siphila nabo lapha emhlabeni, yibona abasibhekile. Bayavakasha ngisho emini sibhekile, bafika ngezinyoni ezibizwa ngezinqoba. Lezizinyoni zincane ngomzimba umbala wazo zikhakhi, zithi uma zindiza kube nomsindo oqhumayo kuzo. Akukhona ke ukuthi njalo uma ubona lenyoni sekungabantu abadala kepha uphawu lokuqala ukuthi zifike ziningi futhi zingabaleki. Abantu abadala ilaba abaphila kuqala kunathi ngasekuqaleni komhlaba ababengasibo abantu njengathi. Ngike ngakhuluma ngabanye babo, abantu bezinkanyezi, star people. Yibo ke laba esibabiza ngamakhehla nezalukazi. Yikho ke la umuntu aphethwe khona, yiwona msamo lona. Abantu abadala uyakhuluma nabo ungashisanga impepho bekuzwe. Yingakho esikhathini esedlule bekuvamile ukuthi uma kunenkinga ekhaya kuphume umuntu omdala athethe egcekeni bese iyalunga leyonkinga. Yingoba bakhona khona lapha ekhaya kuwo lomhlaba hhayi emazulwini. Yibo laba esibakhela izindlu sibafake kuzo. Umusi wempepho wona uhamba uze ufike emazulwini, yiwo lo okuxhumanisa namathongo. Ithongo umuntu omdala emndenini. Yibo ke laba abahleli emazulwini, kwelamathongo. Laba baseduzane noNkulunkulu. Abantu abadala uze uhlangane nabo uma sekuhlukene inyama nomphefumulo, yibo abahlangabezi bakho laba baphinde bakuphelezele futhi. Ngoba lendlela ebheke emasangweni ezulu inengcindezi enkulu, inzima, imnyama uyamdinga umphelezeli. Ngiyaphinda ngiyacacisa futhi ukuthi, lonke lolulwazi esiluveza kulelipage luvela kuye uNkulunkulu wethu kanye noThixo bonke. Ngike ngimzwele ke umuntu osithukayo lapha kuma comments ngoba akazi uthuka obani. Kufanele uqonde ke manje ukuthi uma sikhuluma ngabantu abadala asisho abantu abakade bephila emnyakeni eyedlule. Asisho bona okhokho nogogo nomkhulu nabazali bethu ekade siphila nabo ngoba bona baseKhaya leMphefumulo balinde khona ukukhala kwecilongo nokuqala kweZulu njengathi nje. Kulomuzi abakuwo phela yila kuthethwa khona amacala, yila futhi kutholwa khona intethelelo. Yingakho uNkulunkulu wawehlisa lomuzi wawuletha emhlabeni ukuze sizokwazi ukuyobathethela amacala abo sibacelele intethelelo, ukuze mhla kufika umhla wokuphela bebe sebegiziwe amacala abo. Emva kwecilongo bonke bayobe sebehlulelwa uMehluli wabo iJaji elikhulu, uJesu Kristu iNkosi, yilapho ke sebezoya kwamanye amazulu abafanele noma izihogo. Imizi kaNkulunkulu miningi kakhulu emaZulwini. Ungaphambanisi ke, qonda manje umehluko phakathi kwabantu abadala, amathongo kanye nabantu ekade siphila nabo, akufani. #ithongo #nkulunkulu #afterdeath #endtimes

Uju Ulwazi
Uju Ulwazi
Open In TikTok:
Region: ZA
Saturday 13 June 2026 18:47:10 GMT
97457
6604
455
701

Music

Download

Comments

khanyisilemajunda91
@khanyisilemajunda :
Amen siyabonga ukusinika lolulwazi olujulile👏
2026-06-14 05:01:49
10
mavis.thyse
Mavis thyse :
inyoni zintoni zinyosi ndicela ucaciselwa mkhulu
2026-07-07 20:14:49
2
berthammathapelo
berthammathapelo :
Thank you Mkhulu🙏
2026-06-16 05:49:44
2
user9780707131547
samketi :
syabonga khehla lami sekulungile
2026-06-13 22:04:48
5
masego_567
Ma-Lesego😍💫 :
The wisdom you have it's out of this world, thank you for your teachings my brother
2026-06-14 06:01:09
5
user436123145169
user436123145169 :
Siyabonga usifundise futhi 🙏🙏🙏
2026-06-21 12:37:30
2
mamsie.jiyane
Mamsie Jiyane :
Amen mkhulu
2026-06-17 13:40:40
2
hellen.maphosa
Ntombi nana Maphosa Mathenjwa :
amen mkhulu sbonge
2026-06-17 07:50:45
2
jabu.mathenjwa
baby zee :
Amen siyabonga ukusipha lolulwazi
2026-06-14 07:41:21
5
christinamakhube2
Christina Makhubela :
Ngiya bonga kakhulu
2026-06-14 05:27:13
6
nobelungu.gumbi7
Nobelungu Gumbi :
ie nkos'yam waze way'hlaba ngqo es'khonkosini khehla 🙏🏼
2026-06-14 08:43:15
5
thandiwe.shezi8
Thandiwe Shezi :
🙏🙏 Amen syabonga baba
2026-06-15 15:31:38
2
ncikini
Somnandi Siwa💚🖤✊Mthwa :
Siyabonga ngolwazi olujule kangaka ameni
2026-06-14 18:06:40
9
vuyiswa3074
Mavuyi :
Camagu,Siyabonga🙏🏾🙏🏾
2026-06-17 05:50:55
2
favouh22
Thandazi Dunge :
Siyabonga ngyakuzwa mini inyoni ihlezi ifika njalo kwami
2026-06-14 04:57:25
8
zodwampofu830
Zodwa :
Ngiyabonga ngokusifunisa nokusikhanyisela Nolwazi Thokoza Mkhulu Khehla
2026-07-06 03:57:58
1
mrembula743
Mrembula :
kunjalo 👏👏
2026-06-17 19:08:34
2
dlamnkxt74w
javas Siba :
wooow siyabonga bhuti wami siboniseni indlela
2026-06-22 02:43:59
2
fikileradebe1209
MA RADEBE :
Ngyabonga mina
2026-06-16 02:00:33
2
sellojonas696
sello jonas :
Thank you
2026-06-16 08:48:09
2
mubiza75
Mubiza :
Angibonge mina mkhulu,Waze wachaza kahle,🙏🙏🙏
2026-06-15 20:00:00
2
jnjojo3
JoJo :
Ngiyabonga kakhulu, mkhulu inkosi ikubusise Amen 🙏 🙏🙏
2026-06-16 03:35:14
2
hlo4287
Hlo :
Amen Mkhulu
2026-06-14 19:12:09
2
xolile.kubheka7
Xolile Kubheka :
amen ngiyabonga
2026-06-15 21:56:24
2
mado1286
Mado :
Amen 🙏
2026-06-14 19:23:35
2
To see more videos from user @uju.ulwazi, please go to the Tikwm homepage.

Other Videos


About