@thamsanqa.ntuli_: Namuhla ngivakashele umndeni wakwaMakhoba eNembe, ngaphansi kukaMasipala waseMandeni, ukuyodlulisa amazwi enduduzo nokweseka umndeni kulandela isigameko esibuhlungu sokubulawa ngesibhamu kukaMnu Bonginkosi Makhoba, oneminyaka engu-52, kanye noNksz Thembani Ngiba. UMnu Makhoba kanye noNksz Ngiba badutshulwe babulawa ngemuva kokuthi abasolwa ababili abangaziwa bengene emzini kaMnu Makhoba. Ngifike ukuzodlulisa amazwi enduduzo nokuzwelana nomndeni wakwaMakhoba kulesi sikhathi esinzima sokulahlekelwa ngabathandekayo babo. Sibafisela amandla, induduzo nokubekezela njengoba bedlula kulesi sikhathi esibuhlungu.
KZN PREMIER AT NTULI
Region: ZA
Tuesday 08 September 2026 12:18:40 GMT
Music
Download
Comments
Nashville :
look behind and see the outcome of corruption.
2026-09-09 14:27:49
0
Patricia Ngcobo :
Mmmm[Broken heart]
2026-09-10 18:48:54
0
mandlohh :
🤮🤮🤮🤮 politician's 💔
2026-09-09 10:04:27
0
Nkosinathi Zondi :
Sinopremier osebenzayo eKZN
2026-09-08 19:30:19
34
Mantombozi :
Indlu kodwa Premier uyibonile yini
2026-09-09 06:55:00
9
bhekoluthuli :
empty promises always
2026-09-08 15:06:02
5
KD :
Ndunankulu sicela ushiye noma TRU okungenani besalinde RDP
2026-09-09 04:24:29
11
J :
ubani iKhansela kulendawo? lisebenzela yiphi inhlangano?
2026-09-09 18:08:23
1
Iminathi Precious wabo :
Ndicela nibakhele RDP
2026-09-08 16:26:46
6
j.c khune :
kade isebenza vele lendlu noma bathela uhulumeni ngehlazo izwe libuka?
2026-09-08 21:22:45
2
T :
Ward?
2026-09-10 15:52:01
0
Nkombelesec :
uyayibona indlu kodwa ehlala bantu
2026-09-09 06:30:00
3
mboma007 :
Abakhelwe indlu bakithi
2026-09-09 05:43:44
2
AYANDA@GUMS :
SIBONGILE MPHEMBA UKUBA NAWE SESITHEMBELE KUWE
2026-09-09 09:48:11
1
user9974352791220 :
sesthemba kuthi zolungisa umuzi nkosiyam
2026-09-09 17:58:02
0
THERERE :
bheka nesimo sekhaya babu Mphemba syazicelela
2026-09-10 08:57:49
0
Maximum :
manje niyoshiya simo sikanjena noma RDP bandla
2026-09-09 14:25:02
0
Blackman :
Premier, iKZN igcwele ababulali, futhi yinto engeke iphele lena ngoba abantu bayaphumelela ngokuchitha igazi labantu la emnyango babenakho konke okuhle abakudingayo empilweni, bagqoke, baswenke bakhe imizi, bathenge nezimoto. Lento iyophela ngamhla uhulumeni wanesandla esqinile.
2026-09-09 08:51:38
0
Mageba ❤️ :
Imizi yakithi siyoyishiya kukanjena ngenxa yohulumeni ongafuni ukusqssha ekbeni sifundile 😭😭💔. NamaRDP akhetha imizi. Sengat uNkulunkulu angawduduza umndeni benzeke nobulungiswa 🙏
2026-09-09 02:41:35
6
@Andile03 :
siyabonga sompisi uyasebenza
2026-09-09 11:02:51
0
maSkeyi 💕 :
Mobile police station syayidinga kukude Sundumbili mhlampe ukhona umehluko ongaba khona 😭😭
2026-09-09 10:58:39
0
Mbongiseni the executive :
kwenzekeni kant ngphuthumeni
2026-09-09 10:26:34
0
cwantas isondo :
BABA SOMPISI SICELA UZOKWESEKA INKATHA EKURHULENI
2026-09-09 13:14:22
0
@dinekaElihleh :
Mphemba KZN Premier Thamsanqa Ntuli phambili ngomsebenzi omuhle owenzayo
2026-09-10 22:07:25
0
sfisocebekhulu :
please baba awulungise lelo khaya baba umdeni ududuzeke unkulunkulu aniphe amandla
2026-09-09 13:48:27
0
To see more videos from user @thamsanqa.ntuli_, please go to the Tikwm
homepage.