@uju.ulwazi: uAdam akaze abe ngumlungu. Inyama kaJesu Kristu iNkosi ayikaze yaba umlungu. Nidukisiwe! Umlando okhona kulezincwadi ezikwi bible ungowenu. Wathathwa kini nisase North waphinde wabuyiswa ungasaphelele kahle senise South. uAdam ungumuntu wokuqala omnyama. Akasiye kodwa umuntu wokuqala emhlabeni kepha ungowokuqala oyiloluhlobo lwethu onomzimba ofana nowethu. Umhlaba phela mdala kakhulu sekuphile izinhlobo ezehlukene zabantu ziphinde zedlule, labobantu yibo laba esithi abantu abadala. Yize babengafani bona nathi ngokwemzimba yabo ngoba babengasibo abantu njengathi. Ngakho ke uAdam lo wayemnyama kakhulu esakhe iskhumba wawungasifanisa nethayi lemoto noma ilahle, izinwele nazo zimnyama zincane ziwuqentu. Yaqala lapho ke indaba yabantu abamnyama ensimini yase Eden eyayiseGibithe, Egypt lapho uNkulunkulu owayebonisa khona ubungcwele bakhe. Uzalo lwabantu abamnyama luhamba luze lufike kuAbraham okunguye owabe esethola isibusiso wanikwa isethembiso ngenzalo yakhe. Enzalweni yakhe kwakhandeka isizwe esasibizwa ngo Israel. uNkulunkulu wakhetha ukusebenza ngaso lesisizwe sika Israel inzalo kaAbraham kuze kube phakade. Nenyama yeNkosi uJesu yazalwa kulo leligazi likaIsrael. Noma isibuya iNkosi enamndla onke izobuya kulo futhi leligazi, empeleni seyifikile vele. Qondisisa nakhu, isizwe sika Isreal lesi safuduka sisuka phezulu eNorth, enye inxenye yasala ngendlela. Safika lana eSouth ngokwehlukana sekukhona esibizwa ngamaNguni. Yiso ke lesi uNkulunkulu onguJehova owabe eseqhubeka umsebenzi wakhe kuso endlini kaJama, kwinzalo kaDingane no Senzangakhona. Wabuyisa wonke umsebenzi wakhe wasikhumbuza nemthetho ayeyinike lesisizwe ngenkathi sisabizwa ngoIsrael. Kuningi kakhulu eningakwazi, eningakuqondi futhi, nami angeke ngakukhuluma konke kulenkundla esikuyo. Okumele ukwazi ukuthi kwathathwa konke okwenu. Kwase kuphinde kubuyiswa emva kwemnyaka eminingi senikukhohliwe. Izikhumba lezi enithi bezigqokwa ngokhokho bazigqoke kamuva indwangu beniyazi niyigqoka futhi, nilala nasemibhedeni. Isintu enikhuluma ngaso esakamuva, indaba isuka kubo labo Abraham enibaphikayo esenibakhohliwe. Lena ke ipost yami yokugcina, iskhathi sami sokuthi ngibe kanye nani lana ku social media sesiphelile. Kakade ukuba kwami lana nginiphe lolulwazi bekuyisinqumo sami nje ngokunithanda kwami akekho ongithume lokho. Umsebenzi engiwuzele angithume wona uBaba ungilindile, sesiyohlangana lapho ke mina nani. INkosi inibusise 🙌 #israel #adam #jesuschrist #nkulunkulu
Uju Ulwazi
Region: ZA
Saturday 19 September 2026 19:25:11 GMT
Music
Download
Comments
To see more videos from user @uju.ulwazi, please go to the Tikwm
homepage.